Kulindelwe osomabhizinisi abangaphezu kwa-550 kwiBusiness Fair
UMBUKISO omkhulu wosomabhizinisi waseThekwini waminyaka yonke iDurban Business Fair, kulindeleke ukuthi uvule ithuba lokukhangisa ngamabhizinisi kosomabhizinisi abangaphezu kwa-550 abazokhangisa ngamabhizinisi abo.

Lokho kuhlaluke esitatimendeni esithunyelwe wuMasipala iTheku ngomlomo wemenenja jikelele yophiko lwezokuxhumana uNksz Gugu Sisilana, lapho eveze khona ukuthi konke kumi ngomumo ngalo mbukiso ozokwenziwa okwesi-25 kulo nyaka, ozoba se-ICC nase-Exhibition Centre, eThekwini.
Esitatimendeni, uNksz Sisilana uthe isiqubulo sabo salo nyaka sithi: 25 Years of Building Sustainable Businesses, kanti umbukiso uzoqala ngoSepthemba 22 kuya ku-24, uhambisana neDurban Fashion Fair – umbukiso wabasiki bengqephu ozobe ugubha iminyaka ewu-12 waqala ukwenziwa.
“Siqala lo mbukiso ngo-1998 ubuwumcimbi omncane wobuciko namakhono obuhlanganisa abantu abakhangisa ngemikhiqizo eyahlukene abangaphansi kwa-100, sisawenzela ngaphandle kweDurban City Hall, kodwa manje sijabule kakhulu ngokuthi usukhule waba wumbukiso wezamabhizinsii owaziwa iNingizimu Afrika yonke,” kusho uNksz Sisilana.
Ephetha uthe bangaphezu kwa-100 000 abantu aseke babamba iqhaza kulo mbukiso eminyakeni edlule, wasiza ukwakha amathuba emisebenzi angaphezu kwa-20 000.
Amathikithi okubuka lo mbukiso abiza kusuka kuR120 kuya kuR500 eBoxer, ePick n’ Pay naseWebtickets.
Ngowazi olugcwele kuxhunyanwa noMnu uMnqobi Mthethwa ku-031 266 9937 noma kwi-email ethi: admin@lomes.co.za