Uphrojusa waseThekwini ne-series eqoshwe eCameroon
UPHROJUSA nomqondisi wamafilimu nemidlalo yethelevishini waseThekwini uKeveshan Govender uthi kuyamjabulisa ukubona ukuzikhandla nokuzinikela kwakhe emsebenzini awenzayo kuthela izithelo kule ndima.
Usho kanjalo elandisa UMAKA Magazine nge-series ayiphrojusile eqoshelwe edolobheni iDoula eliseNingizimu-Ntshonalanga yelinye lamazwe aseNtshonalanga yezwekazi i-Afrika, iCameroon.
UKeveshan waseWestbrook, eThekwini, uthi konke kumi ngomumo ngale series esihloko sithi Amandla: The Power esuselwe kwi-series ethi Les Yeux De Cha Cha.
“Ngikhethe ukuyenza kabusha ngoba ngikholwa wukuthi ixoxa indaba ebalulekile, ngasebenzisa ubuciko bami obehlukile ukwenza ingafani nale yokuqala eyayenziwa ngabanye abantu,” kusho uKeveshan.
Enaba ngayo (i-series) eneziqephu eziyisithupha, uKeveshan uthe ixoxa indaba yomndeni osuka endaweni yasemakhaya ukuyofuna amathuba empilo engcono edolobheni.
“Kuthi uma ufika lapho ubhekane nezinselelo ezahlukene ezenza impilo yawo ibe nzima kakhulu kunakuqala, njengoba uba nenselelo yokuphilisana nabantu ongabazi, kube nzima nokuxhumana nabo ngenxa yokushayisana kolimi abalukhulumayo,” kuchaza uKeveshan ozakhele igama ngefilimu ebizwa ngeHallusion eqoshelwe e-India.
Uveze ukuthi kulingisa phambili o-Etan Afam owuMishael, wuFather Ebigwe onguPasteur, wuNotable Zobo onguZobs, wu-Ezaboto Le Comedown onguEzaboto noStephanie Banks olingisa indawo kaCha Cha.
“Izohluba udlubu ekhasini ngobunzima bempilo yabantu baseCameroon, iphinde iveze ikhasi abantu abaningi abangalazi lokuthi kuphilwa kanjani kuleliya lizwe,” kusho uKeveshan weKG Castings & Productions.
Ephetha uthe uma konke kuhamba ngendlela ahlela ngayo, le series eqoshwe ekuqaleni kwalo nyaka – izokhonjiswa kwi-1KZNTV naseziteshini zethelevishini ezisebenza nge-internet, ekupheleni kwale nyanga noma ngenyanga ezayo.