Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Ungenisa ngezingoma zothando kubathandi bomculo

UMCULI we-Afro Pop osafika kwezomculo uFoliswa uthi uthemba ukuthi izingoma zothando alokhu ezidedela kancane, kancane – zizosiza ukumakhela indawo ekhethekile ezinhlizweni zabathandi bomculo, agcine esechuma naye njengabanye abaculi kule ndima.

UMCULI we-Afro Pop uFoliswa. Isithombe: Sithunyelwe

UFoliswa (26) ogama lakhe lokuzalwa wuSthembile Tracy Biyela waKwaShoba, oPhongolo, eNyakatho yeKwaZulu-Natal – usanda kukhipha ingoma esihloko sithi Awuqagele apike kuyo uXowla noSiya Ntuli beNkabi Records.

Ngaphambi kwe-Awuqagele, le ntokazi iqale ngengoma ethi Isiqamelo Sami ngonyaka odlule, yalandelisa ngethi Uthando Olusha epike kuyo u-Emza, wuBello noGallo ngasekuqaleni konyaka.

“Bengingakuhlelile ukukhipha izingoma zothando kuphela, kepha wumuzwa engisuke ngikuwo ngaleso sikhathi owenza ngibhale, ngikhiphe izingoma ezigxile othandweni, futhi ngijabule ngendlela ezamukelela ngayo ebantwini.

“Njengoba ngiyiciko elifikayo endimeni, angilindele imilingo yokuchuma ngokushesha kodwa kuyangijabulisa ukubona abantu bethokozela umculo wami ngale ndlela – futhi kunginika ithemba lokuthi kuzogcina kulungile ngokuqhubeka kwesikhathi,” kuchaza uFoliswa oqopha kwiZiyenzeka Music and Film Entertainment

Ngaphandle komculo uFoliswa uke yaba wumsakazi wePhongolo FM ngo-2016, waba wumphathi wezinhlelo kwiNorth Coast Radio ngo-2017 ngaphambi kokulandela ubizo lobungoma ngo-2018, njengoba esegxila emculweni ngonyaka odlule.

Uphothule u-matric eDingukwazi High khona oPhongolo ngo-2014, wase enza iminyaka emibili ye-public relations management e-University of South Africa.

Ephetha uthe abantu abalindele umculo omnandi njengoba kumanje ehlela ukukhipha enye i-single apike kuyo uMusiholiq noSeluna Imbongi, nenye apike kuyo uMduduzi Ncube – ukwendlalela i-albhamu azosebenzela kuyona ngonyaka ozayo.