Wednesday, May 14, 2025
Ezobuhle Nemfashini

Uzomela uMzansi e-Asia onqobe uMiss Earth SA

INTOKAZI eyenza iMaster’s Degree in Management Sciences eDurban University of Technology (i-DUT), uZabelo Hlabisa uzomela iNingizimu Afrika eVietnam ezwenikazi i-Asia emncintiswaneni wonobuhle bamazwe omhlaba uMiss Earth 2023 ngoDisemba.

UZABELO Hlabisa uzomela iNingizimu Afrika e-Asia kuMiss Earth 2023 ngoDisemba. Isithombe: Sithunyelwe

Lokhu kungenxa yokuthi uZabelo (29) waseNewcastle, eNyakatho yeKwaZulu-Natal, udle umhlanganiso emncintiswaneni wokumodela uMiss Earth South Africa obuseSouthern Sun Sandton Hotel, eGoli, ngoMgqibelo, obekungokuwesi-20 wenziwa kulo nyaka.

Le ntokazi ephinde ibe wumelaphi wesintu nosomabhizinisi, ihlabe umxhwele izihambeli zomcimbi namajaji oZizo Tshwete, uJ.J Tabane, u-Abigail Visagie noLeanne Manas – ngenkathi inikwa ithuba lokukhuluma ngokubaluleka kokunakekela imvelo.

Emva komcimbi, uZabelo owanqoba uMiss DUT ngo-2018, ukhulume nabezindaba be-eNCA lapho eveze khona ukukhathazeka kwakhe ngokuthi abantu bakuleli zwe abafundisekile ngokuthi imvelo inakekelwa kanjani.

“Yingakho ngifuna ukuhambela izindawo ezahlukene, ngethule izixazululo engiza nazo zokunqoba le nkinga ikakhulu ezikoleni nasemphakathini oswele ulwazi, ukuhambisana nombono wenhlangano iMiss Earth South Africa wokuthuthukisa abantu abasha ngolwazi lokunakekela imvelo,” kusho uZabelo.

Ephetha uthe ujabule kakhulu ngokuthi uzomela izwe lakhe kuMiss Earth, kodwa wathi okwamanje uzogxila ekubeni yinxusa leNingizimu Afrika, aqhubeke nokufuna izixazululo zezinkinga ezahlukene ezibhekene nabantu bakuleli zwe ikakhulu intsha.