Eza eThekwini amaMbazo amnyama
ELINYE lamaqembu amadala eSicathamiya aseNingizimu Afrika, iLadysmith Black Mambazo izobusisa abathandi bomculo wayo baKwaZulu-Natal ngomculo njengoba ihlela ukuletha iSA Legacy Tour, uhlelo lomzungezo wemicimbi yalo yomculo, eThekwini.
IBlack Mambazo esineminyaka engaphezu kwa-60 yasungulwa wuDkt uJoseph Shabalala ongasekho emhlabeni, iqale lolu hambo lwemicimbi eJoburg Theatre, eGoli ngoMeyi, njengoba isizonandisa ePlayhouse, eThekwini ngoSepthemba 29 no-30 nango-Okthoba 1.
Izosuka eThekwini ilibangise eThe Artscape Theatre, eKapa phakathi kwaNovemba 16 no-19 – bese iyivala eState Theatre, ePitoli ngoDisemba 14 kuya ku-17.
Elinye lamulungu aqavile aleli qembu, uSibongiseni Shabalala uthe bahlose ukuwukhulisa lomzungezo wabo wemicimbi ugcine usufinyelela kuzo zonke izifundazwe zakuleli zwe.
“Kulo mcimbi sizonandisa ngezinga eliphezulu siphinde sinike ithuba amaciko amasha esiwavundulile ngenhloso yokukhuthaza abeza ngemuva kwezomculo, ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nokuqhakambisa amasiko namagugu ethu ngomculo,” kusho uSibongiseni.
Uqhube wathi bayakuqonda ukuthi njengoba isikhathi esiningi bahlale bephesheya kwezilwandle, abantu bawulambele umculo wabo yingakho bezimisele ukwenza into yamehlo ngale micimbi ukujabulisa abalandeli babo eNingizimu Afrika.
“Abantu bakuleli zwe baqale ukuseseka singakabi yilutho, bama nathi nangenkathi siqala ukuqopha umlando emazweni omhlaba. Ukuseseka kwabo yikho okwenze sala esikhona manje. Sizohlale sibahlonipha kakhulu ngalokho,” kusho uSibongiseni.
Uhambo lwalo mzungezo wemicimbi yeLadysmith Black Mambazo luxhaswe wuMnyango wezeMidlalo, wubuCiko namaSiko – kanti amathikithi omcimbi waseThekwini aseyatholakala ngoR250 eWebtickets.