Ithemba lempumelelo kongenele uMiss Soweto
UBUNINGI besibalo sosaziwayo abaqale ngokunqoba umncintiswano wonobuhle abazinze eGoli uMiss Soweto ngaphambi kokuzakhela igama ngemisebenzi emihle abayenze emva kwalapho, kwenza ahlalele ethembeni lokuthi ukwenza kahle kulo mncintiswano awungenele kulo nyaka, naye kungamwelisa ngelibanzi.

UNomfundo Zungu okhulele eMacambini, eGingindlovu kodwa manje osezinze eGoli, usohlwini lonobuhle abawu-40 okuzohlungwa kubona abawu-20 abazoqhuthana amazenze kwiWhite Star Miss Soweto 2023 ngoNovemba 25.
Le ntokazi (23) eneziqu iBA Honours in Communication Science yase-University of Zululand ophikweni lwasoNgoye, ithi isineminyaka ilandela lomncintiswano, yabona ukuthi abadlule kuwona bavame ukuchuma ezintweni ezahlukene empilweni.
“Nokuthi bese nginesikhathi ngagcina ukungenela imincintiswano yokumodela ngenxa yokuxinwa yizifundo, ngiphinde ngibe yingxenye yekhwaya yasoNgoye ngaleso sikhathi – ngakho ngibone kuyisikhathi esihle manje sokubuyela ekumodeleni,” kuchaza uNomfundo.
Phakathi kosaziwayo abachume emva kokunqoba uMiss Soweto osungulwe ngo-1979; kukhona u-Augustine Masilela owawina ngo-1987, wuBasetsana Khumalo owawunqoba ngo-1990 waphinde wanqoba noMiss SA ngo-1994, wumsakazi weMetro FM uLerato Kganyago owawunqoba ngo-2002 noTsakane Sono odle umhlanganiso ngonyaka odlule.
“Ngikholwa wukuthi ukunqoba lo mncintiswano kuzongisiza ngichume ezintweni engifuna ukuzenza; kubalwa isifiso sami sokuthuthukisa intsha enamakhono ehlukene ukuze ikwazi ukuziphilisa uma kungayisebenzeli ekufundele,” kusho uNomfundo.
Ukuze le ntokazi ibe sethubeni elihle lokuhlabana ngeWhite Star Miss Soweto 2023, idinga amavoti amaningi okuyibeka esigabeni sabawu-20 bokugcina.
Ukuyivotela uthumela u-Hi kuWhatsApp enombolweni ethi: 073 065 1066 – ulandele imiyalelo uze ufike esigabeni sesikhombisa, bese uyivotela ngokubhala uthi: MS029 kanye njalo ngosuku kuze kushaye u-Okthoba 1.