Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Inkakha yezeshashalazi ipheka incwadi ngomlando waKwaMashu

UKUNOTHA komlando welinye lamalokishi adumile eNingizimu Afrika uMashu, nobuningi bamaqhawe azalwe, akhulela kulona – ngesinye sezizathu ezenze inkakha yombhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi u-Edmund Mhlongo, wabhala incwadi ehluba udlubu ekhasini ngaleli lokishi eliseNyakatho yedolobha iTheku.

INKAKHA yombhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi u-Edmund Mhlongo. Isithombe: Facebook

U-Edmund owumsunguli wesikhungo sobuciko iKCAP naso esiKwaMashu, uthi sekusele kancane aphothule le ncwadi esihloko sithi Heritage Streets of KwaMashu, athi izokwenza abantu baqonde kabanzi ngomlando onothile waleli lokishi, abanye abalazi ngokuthi ‘yisidlidli sendawo yobugebengu’ nje kuphela.

“Kuyona (incwadi) ngichaza kabanzi ngomlando wamagama emigwayo yakhona nakho konke okwenza leli lokishi libe sebalazweni ngale ndlela, ngiphinde ngihlube udlubu ekhasini ngamaqhawe akwaZulu aphile kulona eminyakeni edlule,” kuchaza u-Edmund.

Le nkakha esanda kwethula incwadi ekhuluma ngomama wombumbi wesizwe samaZulu iNkosi uShaka, iNdlovukazi uNandi, ethi The Princess Who Became A Queen – uveze nokuthi kunenye futhi ncwadi aseqedile ukuyibhala.

“Ngisanda kuqeda ukubhala incwadi esihloko sithi uHhamula engiyihumushe ngiyisusela encwadini kaWilliam Shakespeare ethi Hamlet. Zombili (lezi zincwadi) ngihlela ukuzethula ngokusemthethweni ungakapheli lo nyaka,” kusho u-Edmund osevundulule inqwaba yamaciko kwezokulingisa nomculo.

2 thoughts on “Inkakha yezeshashalazi ipheka incwadi ngomlando waKwaMashu

  • Good morning young legend Professor.Have a beautiful day and night.Above all.Realise deeply that your messages need to be read by EVERYONE.PLEASE TRANSLATE TO ENGLISHE AND GREEK LANGUAGES.GOOD MIRNING LEGEND.

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *