Monday, May 12, 2025
Ezobuhle Nemfashini

UBryoni ethubeni lomlando omusha ngoMiss Universe

INTOKAZI elale isibili kuMiss South Africa 2023 ngenyanga edlule, uBryoni Govender uzomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni wonobuhle bamazwe omhlaba uMiss Universe 2023 owenziwa okwesi-72 kulo nyaka, ozoba se-El Salvador ngoNovemba 18.

UBRYONI Govender uzomela iNingizimu Afrika kuMiss Universe 2023. Isithombe: Sithunyelwe

Ukumela kwaBryon (27) waseGoli leli zwe kulo mcintiswano kumbeka ethubeni lokuqopha kabusha umlando kaKerishne Naicker – owaba ngowokuqala womdabu waseNdiya ukumela izwe kuMiss Universe, aba kwabawu-10 bokugcina kuwona ngo-1998.

“Nginenkolelo yokuthi ukwehluka kwabanye abantu kwenza ube namandla amakhulu futhi ukuba ngowesibili womdabu waseNdiya ukumela izwe lami esigabeni esikhulu kangaka, kufakazela lokho. Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukumela izwe ngendlela efanele,” kusho uBryoni.

Le ntokazi eneziqu iBacher of Law Degree yase-University of Johannesburg, ithe izimisele ukuqhubeka isebenzise amathuba ewanikwa yiMiss SA Organisation ukushumayela ivangeli lokulingana kwabesifazane nokukhuthazana kwabo ukuya phambili empilweni.

Khonamanjalo, uRikkie Kolle waseNetherlands ungowesibili oyi-transgender ukuzoncintisana kuMiss Universe kulo nyaka, elandela u-Angela Ponce waseSpain okwaqala ngaye ngo-2018, kanti uMichelle Cohn waseGuatemala ungowokuqala oshadile ozobe ekhona kulandela ukuxegiswa kwemithetho yokungenela.

Okunye okuqaphelekile ngoMiss Universe wakulo nyaka, wukuthi kuzobe kungokokuqala kuba nonobuhle wasePakistan, kwaphinde kwabuya nabaseBangladesh, iDenmark, i-Egypt, iGuyana, iHungary, i-Ireland, iKazakhstan, iLatvia, iMongolia, iNew Zealand, iNorway naseZimbabwe eyagcina ukumeleleka kuwona ngo-2001.